
Kugujwe Umkhosi Wama-65 WeMashi Yabesifazane
Click here for English version
Abasebenzi baseKolishi Lezifundo Zomthetho neZokuphatha e-UKZN babe nomcimbi wokuhlonipha u-Helen Joseph, u-Lilian Ngoyi, u-Rahima Moosa, u-Albertina Sisulu no-Sophia Wiliams-De Bruyn ababehola imashi yabantu besifazane abayi-20 000 e-Union Buildings mhla we-9 kuNcwaba wangonyaka we-1956.
Mhla libalele ngosuku lokugcina lukaNcwaba, iPhini SekelaShansela Eliyibamba uSolwazi Brian McArthur, nongumfundi wezomthetho nomele iSikole seZomthetho eMkhandlwini wabafundi uMnu Bathandwa Mki, umfundisi waseSikoleni seZomthetho uNks Victoria Balogun nomfundi owenza unyaka wokugcina kwezomthetho uMengameli we-UNICEF-UKZN PMB uNks Juhi Hansraj batshale ingadi ekhethekile, base befaka indawo enamagama aqoshiwe ophikweni oluse-Westville. Lapho bekunenhlaba embili khona, sekufakwe nezimbali zendabuko okukhona kuzona ubani (i-Agapanthus), i-Dianthus, i-Sunpatiens ne-Chlorophytum Comosum.
Lo mkhankaso obungumqondo kaMki inhloso yawo bekungukwazisa abantu ukuthi amalungelo abantu besifazane angamalungelo abantu.
‘Namhlanje sibungaza abantu besifazane bangowezi-1956. Wukwala kwabo ukuziba lapho lingekho khona iqiniso esikukhumbulayo. Yisibopho sabo ukusebenzela ukwakha umphakathi oziqhenya ngobulungiswa, kungakhethe buzwe, bulili nazinga lomuntu. Akukho ukungabaza ukuthi iNingizimu Afrika nomhlaba bayamangala yisibindi sabo,’ kusho uMki.
U-Hunsraj wengeze ngokuthi: ‘Namhlanje sitshala lombhede wezimbali ukuhlonipha bonke abantu besifazane abahluphekayo ngenxa yokuhlukunyezwa ngenxa yobulili nababhekene nakho. Ngithandazela ukuthi lezizimbali zikhule, zimile amagatsha kanjalo nezwe lethu lithuthuke kuthi imithetho yalo ikwazi ukushushisa labo abatholakele benecala lokuhlukumeza ngokobulili. Njengoba izimpande zalezi zimbali zizohluma, zizondle, kanjalo nobunye bethu nokwesekana singabantu besifazane kuzokhula, kusinike amandla okuqeda lesisihlava.’
U-McArthur ubonge bonke ababambe iqhaza, wagcizelela ubumqoka balomkhankaso. Uthe: ‘Njengoba singena esikhathini esifudumele sentwasahlobo, sengathi umoya weMashi Yabesifazane ungaqhubeka nokusibusisa, kuqhakaze umhlaba wase-UKZN ngenkathi sisaqhubeka nokweseka abantu besifazane namantombazane ukuthi bafinyelele esicongweni… simunye singazuza noma yini.’
IKolishi limema abasebenzi nezitshudeni ukuthi bavakashele ngaphandle kweHhovisi lePhini Sekela-Shansela eJ-Block ophikweni oluse-Westville.
Lalela izinkulumo zika-McArthur, u-Hunsraj no-Mki lapha.
Amagama: wu-Rakshika Sibran
Izithombe: Zithunyelwe